Akukhuthazwe nabafana ukufhi baziphathe kahle

Ukunikwa kwezintombi nto ezingu-16 imifundaze yokuyoqhuba izifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme nguMasipala wasoThukela, kususe umsindo, ngenxa yombandela wokuthi lezi zintombi zizohlolwa njalo ngamaholidi, bese kuthi eyotholakala ukuthi iqhuzukile, iphucwe wona.

Kuyacaca ukuthi iMeya yalo mkhandlu, uNksz Dudu Mazibuko, ibenezinliloso ezinhle ngalolu hlelo lwemifundaze okuthiwa lusungulwe ngonyaka owedlule.

Ugxekiwe ezinkundleni zokuxhumana kodwa usamile ekutheni ngeke abagqize qakala abamgxekayo bebe bengezi neminye imibono engcono.

Yize ukuba yintombi nto kungumbandela ohamba phambili kule mifundaze kodwa ozohlomula kumele aphase ngokugculisayo ukuze akwazi ukuthola isikhala enyuvesi.

Lezi ngezinye izindlela lo mkhandlu ozama ngazo ukuthi kuliwe nokutheleleka kwamantombazane ngegciwane lengculazi. Ucwaningo loMnyango wezeMpilo luveza ukuthi yiwona asengcupheni yokutheleleka kunabafana.

Luhle uhlelo lwalo mkhandlu, ngoba lushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngoba amatshitshi azokwazi ukuthola isinkwa esiyimfundo ebe ezigcinile eziphethe kahle.

Kodwa inkinga ebonakalayo ukuthi lolu hlelo luqhubeka kwezinye ezikhipha inyumbazana abafana njengoba kungavamile ukubonakala ukuqhakanj iswa kokuziphatha kahle ebafaneni.

Lokhu kushiya umbuzo wokuthi kungani kumele intombazane ifundiswe ngokuziphatha kodwa abantu okumele bazigcinele bona bengatshelwa lutho, bezenzela nje?

Mhlambe sekuyisikhathi sokuthi izinhlelo zokuziphatha zikhuthaze futhi zikhulise amantombazane nabafana ngokulinganayo ngoba ekugcineni basuke bezoba nobudlelwane.

UMnuz Mbuyiselo Botha, weSonke Gender Justice, uthe lezi zinhlelo eziqondiswe emantombazaneni kuphela zigqugquzela ukungalingani nokungabi khona kobulungiswa okuqondiswe ezinganeni zamantombazane.

“Kuphuca izingane zamantombazane ilungelo lokuzikhethela ngemizimba yazo nokuzethemba. Intombazane ikhuthazwa ukuthi ayizigcinele umuntu ezomfica engekho msulwa,” kuchaza uBotha.

Akukhuthazwe
IZINHLELO esiqhakambisa ukuziphatha kahle zijwayele ukuqondiswa emantombazaneni njengokugqugquzela ukuthi zihlolwe ubuntombi (Isithombe: SIGCINIWE)

Ukugqugquzela intombazane ukuthi izigcine kodwa kungashiwo lutho kubafana, kusho ukuthi abafana bavumelekile ukuthi bazenzele noma yini, bangalawulwa ngoba vele akhona amantombazane abeziphethe kahle ezigcinele bona.

UBotha uthe umbuzo okhona owokuthi, kungani kungalinganiswa izinhlelo kube ezabo bobubili ubulili.

“Lokhu kuqhubeka entweni ebikhona kudala yokuthi umuntu wesilisa ungaphezulu kowesifazane. Umfana kusho ukuthi kumele aziphilele ngendlela ayifisayo, vele uzoyithola intombi nto ebizigcinile.”

Uthe kumele kushintshwe indlela okucatshangwa ngayo kulesi sikhathi ukuze kuhambisane.

“Inkinga ekhona eyokuthi singabazali asifuni ukukhuluma nezingane zethu ngezocansi. Kunzima nje kumzali ukuthi ahlale phansi nengane ayitshele ukuthi urna isingene esikhathini kusuke kwenzekani futhi urna ilala nomfana kwenzekani, kanjani. Umzali ubona kungcono ahambise ingane yentombazane lapho izotshelwa khona ukuthi ayizigcine ngaphandle kokuyichazela kabanzi ngokusuke kwenzeka emzimbeni wayo ukuze iqonde futhi izikhethele,” kuchaza uBotha.

Ziningi izinhlelo ezikhona ezithinta ukuziphatha kwamantombazane kuphela. Ngisho kugujwa izinyanga eziqondene nobulili, u-Agasti okuyinyanga yabesifazane, kunezinhlelo eziningi eziqondiswe ngqo emantombazaneni nakwabesifazane.

Ngisho iminyango kahulumeni, inenqwaba yemicimbi esuke iyenza ekhuluma nabesifazane, okwenza ungakhohlwa ukuthi u-Agasti inyanga yabesifazane.

U Julayi ofika kuqala kuno-Agasti baningi abangazi ukuthi uyinyanga yamadoda ngoba akugqanyiswa kakhulu lokho, azikho nezinhlelo eziqondiswe kwabesilisa.

Njengoba zikhona izinhlelo zokugqugquzela ukuthi amantombazane aziphathe kahle.

ukuze kugwemeke ukuthi bangenwe yizifo ezithathelanayo, nokunciphisa amathuba okuthi bangenwe yigciwane lesandulela ngculazi, kodwa akukho okutheni okwenziwayo ukuthi nabo bazigcine njengamantombazane.

Intombazane ayithi izigcinile ibe nethemba lokuthi ngokuzigcina kwayo kukhona umfana ezomthola ozobe naye ezigcinile noma ozobe ekuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuzigcina kwayo ngoba efundisekile.

Abafana abafundiswe ukuze baqonde ukuthi ukuzigcina kwentombazane akwenzelwa bona ukuthi bone lezi zingane zabantu bese kuthi urna sebehleli nabangani babo, bachome ngokuthi sebeye ocansini nezintombi nto ezingaki.

Sekuyisikhathi manje sokuthi uhulumeni nezinhlaka ezizimele ezigqugquzela ukuziphatha, zibanake abafana ukuze kungathi urna kuqhamuka izinhlelo ezizama ukukhuthaza ukuziphatha kube nemvunge nokukhononda ngenxa yokuthi ibheke uhlangothi  olulodwa, ingabe kushaywa ihlombe.

Kuhle okuqalwe uMasipala waseMzumbe kokusiza abafana.

Eminye imikhankaso:

  • Umkhosi woMhlanga, ugqugquzela amantombazane ukuthi agcine ubuntombi. Lo mkhosi uyingxenye yesiko lakwaZulu. Lihle leli siko kodwa kumele kube khona umkhosi wabafana ozogqugquzeia ukuthi nabo baziphathe kahle. Abafana babe ngamaqoqwana ezindaweni zabo njengoba kukhona amantombazane aziwayo ezindaweni ukuthi ayahlolwa bese kuthi kanye ngonyaka bayohlangana emkhosini owodwa.
  • Miss Indoni Cultural Competition kusuke kukhethwa uzime wentombazane kwezinye ezimele izizwe ezehlukene. Kulo mncintiswano kufunwa intombazane eziphethe kahle engenangane. Abafana baba khona ukuphelezela. Kungakuhle ukuthi kukhethwe naye umfana oziphethe kahle ukuze lokhu kudlulise umyalezo wokuthi wonke umuntu udinga ukuziphatha kahle, akusiyo into eqondene namantombazane kuphela.
  • ICell C Take a Girl Child to Work Day, lolu hlelo lusungulwe ngo-2014 kanti lubandakanya osomabhizinisi bezifazane abangu-37 abanikela ngesikhathi sabo balekelele amantombazane afunda uGrade 10 kuya ku-12 aphasa ngamalengiso, ukuwahlomisa ngolwazi oluwasiza ukuthi akwazi ukuzicabangela, azazi angobani, azi nakufunayo. Izinhlelo ezifuze lezi nabafana bayazidinga, kube khona amadoda nje azonikela ngesikhathi sawo abafundise ngokuziphatha nangemisebenzi abangayenza.
  • UMasipala waseMzumbe usuqale uhlelo olusha lokufundisa abafana ngendlela efanele yokuziphatha. Nyakenye ngo-Okthoba bekunomkhosi obizwa ngoMkhosi waBafena obuKwaNdelu Traditional Council eMzumbe. UMnuz Trevor Khanyile, okhulumela uMasipala waseMzumbe, uthe kulo mkhosi kufundiswa abafana ngezigaba zokukhula nokuziphatha. “Phakathi kwezinto abebefundiswa zona ukuhlatshwa kwenkomo, ukuhlinzwa kwayo nokunye okuthinta uziphatha kahle. Sizoqhubeka siwenze minyaka yonke ngoba sifuna abafana bakhule behlonipha futhi baziphathe kahle.” Lo mkhosi ubuhanjelwe wuMntwana uMbonisi Zulu nezinyane leSilo uMntwana uPhumuzuzulu.